Kuyintokozo enkulu ngempela kithina ukuba sihlanganyele nomphakathi wakwaHlabisa namuhla ngalolusuku oluyingqophamlando lokwethulwa kwezinhlelo zokuthuthukisa lendawo yalapha . Le ndawo ingenye yezindawo ezakhahlamezeka kakhulu ngenxa yokushaywa indiva nguHulumeni wobandlululo onhloso yakhe kuphela kwakunguku fukuzisa abantu bakithi njengezigqila futhi ubancishe intuthuko. Silapha namhlanje njengohulumeni wabantu ukuqinisekisa ukuthi le ndawo yaKwaHlabisa iyafukulwa futhi ithatha indawo yayo ngokubamba iqhaza elibalulekile emnothweni wasiFundazwe sakithi.
Basekhaya Nezendabuko, wamemezela izinhlelo ezinqala okuhloswe ngazo ukuvuselela nokuqinisa ukusebenza koMasipala esiFundazweni sethu, ukuze basheshise ukwenza ngcono izimpilo zemiphakathi abayakhele. Senza lesi sibophezelo ngoba njengohulumeni, siyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi oHulumeni basekhaya, yibona abaseduzane nabantu futhi kumele ube negalelo elibonakalayo ekuthuthukisweni kwezimpilo zabantu bakithi.
Njengohulumeni sithathe amagxathu amakhulu ekulweni nobuphofu nasekuletheleni abantu bakithi izidingongqangi. Phezu kwale nqubekela phambili esesiyenzile, siyazi kamhlophe ukuthi kusekhona ukusilela emuva kwengqalasizinda ezindaweni ezithile nokunomthelela ezimpilweni zabantu bakithi imihla ngemihla. Siyazi ukuthi kwabanye omasipala bakithi njengalapha nje KwaHlabisa, abantu bakithi basadinga ugesi, amathoyilethe ahlanzekile kanye namanzi ahlanzekile aphuzekayo.
Emzameni wethu wokwenza umahluko ezimpilweni zabantu, sesiqhamuke nohlelo olusha lokuzibambela ngqo komasipala olwaziwa ngelika (Project consolidate), loluhlelo kuhloswe ngalo ukusiza omasipala abafana nalona walapha KwaHlabisa ukuba basheshise ukulethwa kwezidingo ezisemqoka emphakathini. Sathi uma senza uhlaziyo nocwaningp ngoMasipala walapha , uMasipala waKwaHlabisa wahlonzwa njengomunye woMasipala abadinga ukwesekwa kakhulu nguHulumeni ukuze bakwazi ukusheshisa izidingongqangi zomphakathi.
Silapha KwaHlabisa namuhla ukuzokwethula izinhlelo okuhloswe ngazo ukwenza ngcono izimpilo zabantu bakule ndawo. Ukuba lapha namhlanje sizokwenza umehluko ezimpilweni zabantu kukhombisa ubumqoka nokubaluleka kwalendawo kuHulumeni wethu futhi kutshengisa ukuzimisela kukaHulumeni wethu ekwenzeni isiqinisekiso sokuthi intuthuko ifinyelela kuwona wonkie umphakathi wakithi.
Silapha namuhla ukuzokwethula uhlelo lokuzibambela mathupha sifukule ukusebenza kukamasipala walapha, siphinde sivule ngokusemthethweni amahhovisi amasha okusebenzela kamasipala walapha KwaHlabisa.
Sikholelwa ukuthi ukuvulwa kwamahhovisi amasha kamasipala waKwaHlabisa kuyigxathu elikhulu ekuletheni uguquko kule ndawo ukuze ibe ngebamba iqhaza elisemqoka ekuthuthukisweni kwesiFundazwe sakithi. Sibonile ezweni lonke abantu abaningi bekhononda ngokulethwa kwezidingo. Ezikhathini eziningi omasipala bethu yibona abagxekwayo ngalesi simo. Kodwa-ke okungashiwo ukuthi omasipala bethu eminyakeni eminingi kade bengahlinzekelwe ukubhekana nalezi zinselelo. Okubuye kungashiwo futhi ukuthi omasipala bethu abanawo ngisho amahhovisi okusebenzela, ngisho nalapho kunamahhovisi khona awekho azikho izingqalasizinda zokusebenzela ezifana namakhompyutha nokunye. Omasipala bethu abakwazi ukusebenza kahle benze lokho abajutshwe ukuba bakwenze ngenxa yokuthi abanawo amathuluzi anele nengqalasizinda yokwenza umsebenzi. Kungaleso sizathu thina njengomnyango wesifundazwe woHulumeni Basekhaya Nezomdabu, ngokuhambisana neqhaza lethu lokwelekelela, sithuthukise sibuye siqaphe ukusebenza komasipala bethu, sanquma ukuhlinzeka ngoxhasomali lokusiza omasipala ukuba bakhe amahhovisi amahle njengalawa eninawo lapha KwaHlabisa, ukuze kuqinisekiswe ukusheshiswa kokulethwa kwezidingo emiphakathini.
Umbono KaHulumeni wesiFundazwe oholwa NguMhlonishwa uNdunankulu uDkt S.J.
Ndebele ngale ndawo ukuyibona ithuthuka iba yidolobha ngokugcwele. Ngakho-ke ukuvulwa ngokusemthethweni kwamahhovisi kanye nokwethulwa kwenxanxathela yezinhlelo esizozethula lapha namuhla, kuyisinyathelo esihle esibheke ekufezekiseni lombono.
Ukuvulwa kwamahhovisi kamasipala kuyigxathu elibalulekile emphakathini wakule ndawo. Abantu bakithi angeke basaba yizisulu zobuphofu ngenxa yokungabi namahhovisi afanele okubasiza ngezidingo zabo noma ngenxa yokuthi amahhovisi akude futhi awanazo izingqalasizinda ukuze akwazi ukuhlangabezana nezinselelo zabo. La mahhovisi azoba yizizinda zentuthuko kulo masipala. Kumele afane nebhodwe okudidiyelwa kulo intuthuko nokulethwa kwezidingo. La mahhovisi kumele asize bonke abantu baKwaHlabisa kungakhathalekile ukuthi bangabayiphi inkolo noma iqembu lezombusazwe. Kumele kube njalo ngoba ububha, indlala kanye nokuntuleka kwentuthuko akukhethi bala futhi akubuzi ukuthi wean ukhonza kuphi.
Ngesikhathi sithula ngokusemthethweni uhlelo luka-Project Consolidate sagcizelela ukuthi sizohambela omasipala ababambe iqhaza ngaphansi kwaloluhlelo ngenhloso yokwethula imisebenzi yokubalekelela. Ngenxa yokuthi abantu balapha baludinga kakhulu usizo yingaleso sizathu sithe yize kunesidingo nakwezinye izindawo kodwa sithe akuqale unyaka omusha kuqale nesiqalo esisha ezimpilweni zabantu bakithi lapha kwaHlabisa.
Sesihlonze izinhlelo ezisheshayo ezizophumelelisa le ndawo ibe negalelo elikhulu kwezomnotho wesifundazwe kanye nowezwe lethu. Sazi kahle kamhlophe ukuthi uma iZwe lethu lizimisele ukukhulisa umnotho walo ngamaphesenti ayi-6, indawo yaKwaHlabisa kumele nayo ifake isandla.
Indawo yaKwaHlabisa ingumasipala ikakhulukazi osemakhaya. Ngalokho-ke akumangazi ukuthi sinamazinga aphakeme kangaka obuphofu nokwentuleka kwentuthuko kule ndawo ngenxa yesikhathi sobandlululo esisuka kuso lapho khona intuthuko yemiphakathi yakithi yayishaywa indiva. Akumangazi futhi ukuqaphela ukuthi isizinda sezomnotho sale ndawo asithuthukile. Lokhu kusho ukuthi sonke sidinga ukuba sisebenze ngokuzikhandla ukuze sisungule idolobha elinengqalasizinda yezokuphatha neyezohwebo.
Njengezinye izindawo zasemakhaya eziningi, le ndawo yaKwaHlabisa inezinga eliphezulu lokwentuleka komsebenzi, ubuphofu kanye nokungathuthukiswa. Kulendawo iningi lentsha yakithi nokyiyona engabe ifukula umnotho ayinakho engakwenza ngenhla yokuswelakala kwezingqalasizinda zentuthuko.
njengomthombo wamathuba omsebenzi. Imisebenzi yezolimo ekhona njengamanje isezingeni lokulimela ukudla kuphela. Kuningi okusamele kwenziwe ukuze kuvukuzwe amathuba kulo mkhakha wezolimo. Enye yezinselelo ezinkulu okuzomele kubhekwane nayo eyokushoda kwamakhono ezemfundo nobuchwepheshe entsheni yakule ndawo.
Lokhu kubuye kwenezelelwe nawukungabi khona kwezikhungo zokuthuthukisa ezemfundo nezobuchwephese. Izindaba ezinhle ezokuthi uhulumeni uyena ohamba phambili ekuqaliseni izinhlelo zezemfundo zokulungisa isimo ukuze kuqinisekiswelendawo yakithi iba nenqubekela phambili.
Mphathi Wohlelo, ezokuvakasha zingezinye zezinhlelo zethu ezisemqoka ohlelweni lwethu lwamasu okukhulisa amathuba okutshalwa kwezimali kulesi sifundazwe.
Njengoba sengishilo, indawo yaKwaHlabisa iyindawo ebusisiwe ngobuhle bemvelo obumangalisayo, igabe ngezintaba namathafa kanye nemifula. Inezitshalo eziphambili emhlabeni.
Ngeshwa, ukungabi khona kwamakhono kanye nomoya wokuzisungulela amabhizinisi sekuholele ekuthini siwumphakathi singakwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo kwimakethe yezokuvakasha. SinguHulumeni siziqonda kahle kamhlphe izinkinga eikhungethe lendawo nomthelela wazo ekukwazini kukamasipala ukuletha izidingo emphakathini.
Silapha namuhla njengohulumeni ukuzosungula imisebenzi engingangabazi ukuthi izoba negalelo elikhulu ekuguquleni umnotho wale ndawo. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi njengohulumeni abantu bakithi lapha kwaHlabisa bayahlomula kwinzuzo yempilo engcono elethwa nguHulumeni wabo abawusebenzela kanzima. Silapha namuhla ukuzokweseka uMasipala waKwaHlabisa ukuze sizokwazi ukwenza ngcono amazinga okulethwa kwezidingo emiphakathini futhi siqinisekise ukuthi imiphakathi ibamba iqhaza elibonakalayo kwezenhlalo, ezomnotho kanye nakwezamasiko lapho ihlala khona.
Kuyinhloso yalo hulumeni ukuletha intuthuko kanye nezidingo kubantu baKwaHlabisa ngaphansi kokuthi kuphazamiseke izimpilo zabo. Kodwa-ke indlela abantu abahleli ngayo kule ndawo, inikeza inkinga enkulu uma kuziwa ngasekuthuthukisweni kwezingqalasizinda kanye nokulethwa kwezidingo. Njengomzamo wokuqinisekisa ukulethwa kwezidingo okusheshayo kanye nokudlondlobalisa umnotho kule ndawo, ukuhlela kumele kuqinisekise ukuthi izinsizasidingo zisetshenziswa ngokuphelele.
Ukuhlala kwethu kumele kuhleleke ngale ndlela yokuthi kwenza ukuba ukulethwa kwezidingo emphakathini kungabinzima. Sonke njengabaholi kungabe abakhethwe ngokwentando yeningi noma abaholi bomdabu sineqhaza okumele silibambe ukuqinisekisa ukuthi kunokuhlaliswa kwabantu okusimeme kule ndawo.
Mphathi Wohlelo, ngenxa yokuthi umasipala waKwaHlabisa ungomunye womasipala abasha nabasakhula, akumangazi ukuqaphela ukuthi lo masipala usebenza kuphela ngoxhaso oluvela kuhulumeni kaZwelonke nowesiFundazwe. Lo masipala awunazo izindlela zokuzenzela ingeniso. Lokhu kusho ukuthi awunayo indlela yokuzingenisela inzuzo ukuze ulethele abantu izidingo ngokushesha. Umphakathi walapha ubeke phambili ukuhlinzekwa ngamanzi namathoyilethe ashaywayo njengenye yezinto ezisemqoka kakhulu.
Namuhla sibhekana nezinselelo ezigqolozele abantu bakithi kule ndawo.
Njengohulumeni onakekelayo, siyasazi isibopho sethu sokudala impilo engcono kubona bonke abantu bakithi. Ngaphansi kwalolu hlelo esilwethula lapha, lo masipala uzohlomula ngamakhono obuchwepheshe obukade ungeke ukwazi ukuwathola kalula.
Sihlangene lapha namuhla ngoba lo masipala usihlinzekwe ngongoti amakhono obuchwephese ukuze bazosiza ekuthuthukiseni le ndawo. Esikhathi esingengakanani sibathumelile lapha, sebekwazile ukusungula uhlelo lokuthutha imfucuza kule ndawo. Lo msebenzi ufaka phakathi ukuthengwa kanye nokutholwa kwendawo ezoba ngeyokulahla imfucuza. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi le ndawo ihlala ihlanzekile futhi iheha kubavakashi. Kuzophela futhi nokulahlwa kwemfucuza ngendlela engekho emthethweni.
Sonke siyazi ukuthi indawo ekhona njengamanje okulahlwa kuyona imfucuz ayikho emthethweni, futhi iyingozi enkulu kwimvelo nakwezokuvakasha. Le ndawo yemfucuza engekho emthethweni ingenhla komfula ogelezela esiQiwini saseMfolozi. Singeke sathi sifuna indawo yethu ibe ngehamba phambili kwezihanjelwa ngabavakashi uma sidala izimo ezikhuthaza ukungcola. Sifake imali engango-R 800 000 ekusungulweni kwendawo efanele yokulahla imfucuza engeke ilimaze imvelo.
Ngaphezu kwendawo yokulahla imfucuza, siphinde futhi ngaphansi koHlelo lwethu belu lokuzibambela mathupha sizophinde silethe uhlelo lwamanzi ahlanzekile asebenza ngemitha. La mamitha amasha azofaka isiko lokukhokhela izindleko futhi yiwona umasipala azozingenisela ngawo umali. Angaphezulu kuka-2000 amakhaya azohlomula ngokuthola amanzi ahlanzekile ngenxa yala mathange amanzi amsha azofakwa lapha.
Lokhu kuzohamba ibanga elide ukuqinisekisa ukuthi siyazishabalalisa izifo ezitholakala emanzini futhi senza ngcono ezempilo kanye nokuphepha kubantu bakithi lapha.
Sesibeke eceleni isamba semali elinganiselwa ezigidini zamarandi angu-2.5 ukubhekela lo msebenzi wamanzi lapha.
Ngishilo phambilini ukuthi sifuna ukuqinisekisa ukuthi siguqula izimpilo zabantu ukuze zibe ngcono. Ngaphezu kokuvulwa kwamahhovisi amasha, ukusungulwa kwendawo yokulahla imfucuza, kanye nohlelo lokusatshalaliswa kwamanzi, kuyintokozo futhi ukumemezela ukuthi sizokwethula uhlelosivivinyo lokuhlinzeka abantu ngamandla kagesi.
Njengamanje abantu baKwaHlabisa abanawo ugesi. Nizokhumbula ukuthi engqungqutheleni yethu yokugcina yogesi ngo-2005 savumelana ngokuthi sizobheka imiphakathi u-ESKOM angakayifakeli ugesi kube yizo esizibeka phambili ekuhlinzekweni ngamandla kagesi. Umphakathi waseMandoze uzoba ngowokuqala ukuhlomula kulolu hlelo. Umphakathi uzothola usizo lwamandla kagesi osebenza ngokukhanya kwelanga (solar energy). Sibuye futhi sahlonza ezinye izindawo eziningi ezizobhekelwa ezigabeni ezilandelayo zalo msebenzi. Silindele ukuthi uma sesiqedile ngalolu hlelosivivinyo kube sekuhlomule amakhaya ayi-3000. Sizoqhubeka ukuqinisekisa ukuthi nezinye izindawo ziyahlomula ngala mandla kagesi.
Ngokwethulwa kwale misebenzi kule ndawo yaKwaHlabisa namuhla senza isiqinisekiso sokuthi le ndawo iyaguquka iba ngengcono. Le misebenzi izodala amathuba emisebenzi ibuye ihlomise abantu bakithi ngamakhono.
Le misebenzi esiyethula lapha namuhla izosheshisa ukuthuthukiswa kwendawo yaKwaHlabisa ibe idolobha ngokugcwele elinazo zonke izidingo nokyinto ehambelana nombono kahulumeni. Umasipala waKwaHlabisa kumele udlale indima esemqoka ekuthuthukiseni izinsiza zomphakathi kanye nezokuphatha kule ndawo. Asikwazi ukukhuluma ngamathuba ezomnotho kanye nentuthuko ngaphandle kwesizinda sokuhwebelana okuyisona esidingwa ngabatshalizimali ukuze bakwazi ukwenza izinto ezilula ezifana nokuthumela amafeksi noma i-imeyili. Kumele labo abaphethe ezokusethsenziswa komhlaba kulendawo baqinisekise ukuthi ukusebenza komhlaba lapha kuyabhekana nalezizidingo.
Ukwethulwa kwale misebenzi kuwubufakazi bokuthi uhulumeni wethu uzinikele ukuqeda umonakalo owadalwa wubandlululo. Kancane, kancane impumelelo iyabonakala. Kubantu BakwaHlabisa, ngiyanihalalisela ngokuthi niqokelwe ukuba nibe yingxenye yohlelo luka - Project Consolidate. Namuhla nibone uhulumeni esebenza eletha inqubekela-phambili endaweni yenu. Manje le ndawo isizoba namanzi, amandla kagesi kanye nendawo yokulahla imfucuza. Ukuthuthukiswa kwale ndawo, sekuqala ukuletha intshisekelo nasezinkampanini ezinkulu ezifana no-Pick'n Pay kanye no-Spar yokuba zizoba namabhizinisi kule ndawo ngoba ziyabona ukuthi iyathuthuka. Kumele silwisane nobugebengu ukuze abamabhizinisi beze ukuzotshala imali kule ndawo.
